Ingozi Edalwa Ukuphuthaza Ifoni.

Uyabazi ubunzima bokuphuthaza ifon, ikhala phansi kwesihlalo semoto, kulowomzuzu imoto uyibambe phansi?

*Ake ungixoxele noma uxoxele umngani wakho ngengozi eyacishe yadaleka noma eyadaleka ngesikhathi uphuthaza ifoni.

*Ngesikhathi uyiphuthaza, akukaze kufike emqondweni wakho ukuthi akonakele usazomfonela lowomuntu?

*Akukaze kukufikele emqondweni ukuthi mhlawumbe ayibalulekile kangako njalo naleyofoni?

*Awukaze ucabange nje nokuthi njengoba ikhala emajukujukwini nje ukuyifuna, uzobe usungena esigabeni sokudala ingozi?

*Uke wacabanga nje ukuthi mhlawumbe i-private number, lena ongezwani nayo?

*Uke wambandakanyeka engozini ngenxa yokuphuthaza ifoni? awungihlebele phela, waphuma wathini nje kulomontu owamshayisela imoto? awuphumanga nje wahomf’inkani?

*Amanga owawatshela amaphoyisa athini nje?

*Athini amanga owawaqambela umshwalense?

*Wawuhamba nobani mhla ucishe ushayisa imoto yomuntu ngenxa yokuphuthaza ifoni? Uma ekhona, wavuma kuye ukuthi iphutha lakho noma wawulokhu unxapha ubala?

*Kulamanga angaka owakhohlisa ngawo amaphoyisa nomshwayilense nabangani bakho, wake wabucabanga ubuqotho owaziwa ngabo emphakathini noma enkonzweni?

*Kuyo yonke lento engenhla uyabona kodwa ukuthi ukuphuthaza ifoni imoto ihamba kuyakhiphana okholweni?

*Bengikukhombisa nje ubungozi bokukhala kwefoni, singakafiki ekukhulumeni nayo ube ushayela.

*Asethembe udle amaningi esakeni.

Leave a Comment

Your email address will not be published.

Scroll to Top