Uyabazi ubunzima bokuphuthaza ifon, ikhala phansi kwesihlalo semoto, kulowomzuzu imoto uyibambe phansi?
*Ake ungixoxele noma uxoxele umngani wakho ngengozi eyacishe yadaleka noma eyadaleka ngesikhathi uphuthaza ifoni.
*Ngesikhathi uyiphuthaza, akukaze kufike emqondweni wakho ukuthi akonakele usazomfonela lowomuntu?
*Akukaze kukufikele emqondweni ukuthi mhlawumbe ayibalulekile kangako njalo naleyofoni?
*Awukaze ucabange nje nokuthi njengoba ikhala emajukujukwini nje ukuyifuna, uzobe usungena esigabeni sokudala ingozi?
*Uke wacabanga nje ukuthi mhlawumbe i-private number, lena ongezwani nayo?
*Uke wambandakanyeka engozini ngenxa yokuphuthaza ifoni? awungihlebele phela, waphuma wathini nje kulomontu owamshayisela imoto? awuphumanga nje wahomf’inkani?
*Amanga owawatshela amaphoyisa athini nje?
*Athini amanga owawaqambela umshwalense?
*Wawuhamba nobani mhla ucishe ushayisa imoto yomuntu ngenxa yokuphuthaza ifoni? Uma ekhona, wavuma kuye ukuthi iphutha lakho noma wawulokhu unxapha ubala?
*Kulamanga angaka owakhohlisa ngawo amaphoyisa nomshwayilense nabangani bakho, wake wabucabanga ubuqotho owaziwa ngabo emphakathini noma enkonzweni?
*Kuyo yonke lento engenhla uyabona kodwa ukuthi ukuphuthaza ifoni imoto ihamba kuyakhiphana okholweni?
*Bengikukhombisa nje ubungozi bokukhala kwefoni, singakafiki ekukhulumeni nayo ube ushayela.
*Asethembe udle amaningi esakeni.