Ngifisa kesithi janti engozini ka reverse. Umbuzo uthi yini ingozi ka reverse? Ivame ukwenzeka kuphi, nini futhi?
Izimpendulo
Loluhlobo lwengozi luvame ukwenzeka ngezimpelasonto.
Loluhlobo lwengozi luvame ukwenzeka egcekeni/eyadini ngemigqibelo noma ngamasonto.
Luvame ukwenzeka kanje. Uya emcimbini umoya wakho ugcwele injabulo,ulungisela ukuphuma ekhaya ,imoto iyaduma, umculo emotweni uthe ukuba phezulu kunokwejwayelekile, ngesikhathi uyongena emotweni, ukhohlwe indaba ye K53 (ukuzungeza imoto ubheke nangaphansi kwayo) kanti u boy/girl ukucashele esondweni elingemuva ngenhloso yokudlala nawe, wena ungene uvale izicabha ufake eliya emuva ugibele phezu kwengane ishone, ngisho kukhona omemezayo kubenzima ukumuzwa ngenxa yomsindo we radio ophezulu. Lapho siyabondwa siyekwe kubekwe iphini ngaphezulu. Lapho angeke uphinde ukuthole ukuphumula.
Sixoxele nawe ngohlobo lwalengozi olwake lwenzeka ngakini.