Isithembu sihle kubanikazi baso kodwa siyingozi uma sizokwenziwa iphoyisa lomgwaqo (Traffic Officer).
Amaphoyisa avamise ukuhamba ngamabili emotweni. Lokho kusho ukuthi imoto eyodwa isetshenzwa amaphoyisa amabili, kanjani na?
*Uma iphoyisa elilodwa limisa imoto liyokhuluma nomshayeli, leli elinye lima buqamama ligade noma yini engenzeka kuleli elikhuluma nomshayeli. Ngesilungu lokho kubizwa nge back up .
*Khumbula phela imoto emiswa iphoyisa isuke ingaziwa ukuthi inobungozi noma cha, lokho kusho ukuthi iphoyisa ngasosonke isikhathi kumele lilindele okungalindelekile.
*Uma ubona iphoyisa limise imoto uzakwabo naye emise enye imoto noma ezicofela ifoni, kusuke kunobudedengu obukhulu lapho.
*Obunye ubudedengu, ukubona iphoyisa limise izimoto ezimbili kuyaphezulu ngesikhathi esisodwa phecelezi Isithembu sephoyisa.
*Uma iphoyisa limise izimoto ezingaphezu kweyodwa ngesikhathi esisodwa lithathe amalayinsense abashayeli balezomoto, kukhona okusuke kushay’amanzi lapho.
*Akugcini ngokushay’amanzi kodwa kugcina sekuphambene nezincwadi zokushayela zabashayeli.
*Iphoyisa elihlonipha umsebenzi walo alikwenzi lokhu okungenhla.
*Iphoyisa eliqeqeshwe kahle laqeqesheka, liyakwazi ukubaluleka kwesikhathi.
*Uma ubona iphoyisa lisebenza lodwa qhwaba emgwaqeni, limisa izimoto, ubobona nje ukuthi kukhona okungahlangani kahle.
*Uma iphoyisa lisebenza lifake i-uniform, alikwazi ke ukumisa imoto lingasifakile isigqoko.
Bengisika elijikayo nje.
Umthetho womgwaqo asiwubukele phezulu njenge tv yase tavern.
Power for that
Siyabonga kakhulu ukusichushisa kulokho Ngwenya yakithi ngoba kunamaphoyisa ayizigebengu futhi