Sekunomkhuba omubi owenziwa abanye abashayeli.
*Kusuke sekumayelana nani uma umuntu eseshayela efunza ingane.
*Isigameko lesi esibonakale senzeka e Richardsbay .
*Ngiyafisa ukuthola ukuthi kusuke kuthini ekhanda laloyo mshayeli owenza lokho.
*Okunye okuvame ukubonakala, ukubona umuntu eshayela egone ingane.
*Wena owenza lokho ungazikhohlisi ucabange ukuthi ingane yakho uyayithanda. Engingakutshela khona ukuthi leyongane uyayizonda, ufakazi walokho ukuthatha impilo yayo uyibeke engozini. Umuntu othanda ingane yakhe uyayivikela ngasosonke isikhathi.
*Nakho futhi ukuvumela ingane igcaluze emotwen, imoto ihamba, kuwuphawu lokungayithandi ingane yakho.
*Mhlawumpe imina engingazi, wawukufunda kuphi ukushayela ugone ingane? Mhlawumpe i-K53 entsha esho njalo, kodwa ke mina bengingakayiboni evumela lemikhuba.
Bengisika nje elijikayo.