Qaphela Emarobhithini

*Kusuke sekumayelana nani uma ufika irobhothi livalile, uyeke ukuqalaza ubugebengu obungenzeka kodwa ukhethe ukucofa ifoni?

*Kusuke kumayelana nani uma ufika erobhothini livalile ukhumbule ukuziphophotha ubuso?

*Kanti abakaze bakutshele yini ngobungozi obusemarobhothini?

*Awukaze ubone imoto ingenwa enye noma i-truck ngemuva ,imile erobhothini?

*Awukaze ubone kushawa iwindi kuthathwe izikhwama/amakhomputha/amafoni emarobhithini?

*Awukaze ubone kudunwa imoto emarobhothini?

*Wena uma ucabanga nje, wehluke ngani kulaba asebeke behlelwa ilokhu engikubale ngenhla?

*Uyasazi isaga esithi “Isala kutshelwa sibona ngomopho”?

*Impendulo yaso ilento oyenzayo.

*Kusuke sekumayelana nani uma usika(overtake) i truck sekusele kancane ifike erobhothini, ungene phambi kwayo bese uyama?

*Angisho ukuthi ngithini kodwa bengisika elijikayo nje!!

Uyazibona kodwa ukuthi unjani?

*Iyonandlela ephephile yokushayela le?

*Qaph’eqolo Njengonwabu ukuze uphile isikhathi eside njengemali kangoqo!!!!

1 thought on “Qaphela Emarobhithini”

  1. Msweli ngicela ukubuza if ngithenga imonto kumuntu kudingeka ngenze njani emaphoyiseni for affidavit Nani enye futhi

Leave a Comment

Your email address will not be published.

Scroll to Top